                               GLOSSARY: ZULU

ACID RAIN

imvula ene-esidi

Ezinye zezimboni zenza intuthu edala uku kube namakhemikhali emoyeni. Uma
kukhona amakhemikhali awafana ne-suiphur dioxid emoyeni lokhu kubangela
ukuthi invula ibe ne- esidi. Lokhu kudala umonakalo enhlabathini kanye
ngemvelo.

RATIFY

Leli ingama ilichaza lokho okwenzekayo kulo ibandla lamanxusa omhlaba
eliphathelene nezendawo lapho kuhlalwa khona. Uma ili lifuna ukuba lilungu
lifanele ukusayina lesosivumelwano sezizwe. Bese liphindela epalamende yalo
eyona izakukuvumela lokho Babuyebahlome imithetho yabo ukuze kufezeke yona
iconvesheni ezweni labo. Lokhu kuthi ukuqinisekisa noma ukuvumela.
Kukuphela uma ivunyiwe lapho izokuba nomthetho.

BIODIVERSITY

Leli igama elisetshenziswa uma kuchazwa in elithile lezinhlonhlobo zezimila
nezilwane endaweni. Isiboniso;- uma kukhona izinhlobo ezahlukeneyo zezimila
nezilwane endaweni efana ne Kruger Nationai Park siyayesithi kune
biodiversity ephezulu. Kodwa uma epulazini kulinywa ummbila kuphela, kungena
zinyoni izilwane kanye nezinambuzane siyaye sikhulume nge biodiversit
ephansi.

PUBLIC PROTECTOR

Lona ngumsebenzi kahulumeni omsebenzi wakhe kungukubonelela ukuthi abasenzi
bakahulumeni bayawenza umsebenzi wabo kahle. Nanoma ngubani angakhalaza kuye
uma enesikhalazo ngohulumeni.` Umvikeli womphakathi ena bese ephenqulula
alungise

CATCHMENT AREAS

Lapho amanzi emvula agelezela ndawonye emhlabathini ukugelezela emfuleni
owodwa. Amanzi emvula anakho ukugelezeia emifudlaneni nasemifuleni egcina
igelezela emfuleni omkhulu. Isibonelo, i-catchment area yomfula iVaal noma
Igwa yiyoyonke indawo lapho amanzi ageleza ukusuka khona ukugcina lapho
esengena kuwona umfula iVaal.

PROTECTED AREAS

Izindawo ezivikelwe yindawo ebekelwe elapho kongwa khona imvelo futhi
evikeiw ngumthetho. Lendawo le ingaba ngeyeka

COMMERCIAL PLANTATIONS

Amahfathi` atshalelwe ukuthi lezozihla zithengiswe ukuthola izinkuni zokuphemba
umlilo noma

ukwenza iphepha. Kuva ukuthi lizizihlahla ngezohlobo olulodwa Emahlathini
atshalelwe

ukuthengiswa kubakhona izihlahla eziningi phezu komhlabathi omkhulu.
Imvamisa lapho

eningizimu Afrika kunamahlathi kawatela ipayini nogamthi.

PRECAUTIONARY PRINCIPLES

Uhlelo lokulondoloza lona lithi uma ungenaso isiqiniseko ukuthi kungaba
nombangela onjani kunhlalo okuhlalwa phakathi kwayo, ufanel ucophelele.
Ufanele ukuvikela inhlalo okuhlawa phakathi kwayo kunokuba kwenzi

CRADLE-TO-GRAVE-TO-CRADLE

Lokhu kuqondiswa endleleni - noma isiyingi leso utho luqala khona ukuya
ekupheleni kwa ukususela ekuqaleni kuze liyokufa. Emuva kwalokho kwenziwe
omunye umkhiqizo omusha, isibonelo, isihlahla siyisikako semvelo.
Siyasikwa kwenziwe iphepha ngaso Leliphepha lisetshenziselwa ukusonga
inyama esilaheni. Bese lelophepha liyalahlwa. Lokho kulahlwa yikhona
esikubiza ukuthi "i grave" (ingcwaba). Kodwa leliphepha lingasetshenziswa
futhi ukwenza ikhadibodi noma amanye amphepha. Lokhu yi "Cradle"

POLICY

Umgomo-jikelele owenziwe ngenkambiso yalokho ekuthile kukahulumeni. Umgomo
yiwona oqondisayo ukuthi izinto ziyokwenziwa ngayiphi indlela.

DEVELOPMENT

Ukuthuthukisa siqonde ushintsho oluyokwenzeka ukwenza kubengcono isimo
sempilo yabantu kuleyondawo. Isibonelo ukwakhiwa kwezikolo nezibhedlela
enye yezibonelo zenthuthuko. Ukunika abantu imisebenzi intuthuko. Ukwakha
izimboni amafektri noma amadamu konke lokho kuyintuthuko. Uma sikhuluma
ngezintuthuko ezinkulu

zibanemiphumela engemihle endaweni okuhlalwa kuyo siyayesikhuluma
ngokwakhiwa kwamaprojekti afana namadamu noma amafekri.

POACHING

Ukuzinzela. Ukuzingela ukubamba nokubulala izilwane ngendlela engekho
emthethweni.

ECO LABELLING

indlela yokuphawula imikhiqizo engukudla nokunye ukuze umuntu othengayo
abenolwazi lokuthi lowomkhiqizo wenzani enhlalweni okuhlalwa phakathi
kwayo. Isibonelo uphawulo liyokutshela ukuthi lomkhiqizo imiliswe
ngaphandle kwemithi yokubulala izinambuzane ezihiuphayo emasimini noma
ezilwaneni noma amakhemikhali noma umanyolo othile.

NUCLEAR POWER

Amandla avezwa ngugesi owenziwe ngokusebenzisa iradio active material.
njenge uranium. Lokho okwakusetshenziswa kuNuclear power kuyingozi kakhulu,
kanti okusalayo kusala kuyingozi kakhulu eminyakeni eyizinkulugwane.

ECOSYSTEMS

iEcosystem inguhlelo lwemvelo lapho konke okuphilayo kuhlangana khona.
Konke okuphilayo kuyingxenye yailoluhlelo. Isibonelo, amahlathi ayiyo
i-Ecosystem. Zonke izitshalo, izinyoni, izilwane nezinambuzane ehlathini
ziphila zonke ukwenzela ihlathi ukuba libe nempilo. Uma ngesinye isikhathi
ususa okukodwa noma okubili okubalulekile izimila noma izilwane ubulala
iEcosystem. Abantu bayingxenye ye-Ecosystem. Ziyadingeka.

NATURAL RESOURCES lngcebo yemvelo:

Yikho konke lokho esikuthola ngokwemvelo emhlabeni esikusebenzisayo ukuze
siphile. Amanzi umoya, umhlaba, izihlahla, okumbuwa phansi, izilwane,
izimila nolwandle.

ENERGY

Amandla:

Kukhulunywa lapha ngakhokonke esikusebenzisayo ukuphemba umlilo esiphila
ngawo, okuhambisa ngakho imishini, ukuzifudumeza. Ukukhanyisa njll. Uma
sishisa izinkuni, uphalafini namalahle konke lokhu kusinikeza amandla
okupheka nokusifudumeza. Ugesi uhlobo lwamandla.

MINERAL PROCESSING

Ukuqhubeka ngalokho okumbiwa phansi. Uma kuqhutshekwa ngalokho okumbiwa
phansi kuguqulelwa lokho kube yinto ebalulekile lsibonelo insimbi yenziwa
ibe ngoqolo lwensimbi noma izinti zenzimbi. lasbestos yenza othayela
bokufulela.

ENVIRONMENTAL CONVENTIONS

Lesiyisivumelwano phakathi kwamazwe amabili noma ukwedlula ngokuthi
iyonakekelwa kanjani indawo lapho kuhlalwa khona.

MINERALS

Yilokho okusansimbi okumbiwa emgodini njengamalahle, igolide, iasbestosi,
iuranium insimbi kanye nokunye.

ENVIRONMENTAL IMPACT ASSESSMENT

Indlela yokufunisisa ukuthi intuthukiso noma iprojekt izokwenzani
enhlalweni okuhlalwa kuyo. Isibonelo, ngenkathi irichards Bay ifuna ukwenza
ezezimanyi laphayana eSt Lucia, kwaqalwa ngokufuninsiswa ukuba ukwenza
njalo ngabe kuyiphatha kanjani inhlalo okuhlalwa kuyona.

MANGROVES

Umhlume wohlobo oluthile lwesihlahla esimila ngasogwini noma emaceleni
nomfula. Izimpande zayo ziyabonakala ngaphandle kwenhlabathi.

ENVIRONMENTAL OMBUDSMAN

Umvikeli:

Lona ngumvikeli noma abavikeli bomphakathi abanokukhononda ngenhlalo
esiphila phakathi kwayo bangaya kuye noma kubo. Yena uyophenyulula alungise
isibonelo. Umandla ongahle akhalaze kuye maqondana nomnyango wezokuthutha
ngoba kwakhiwe indlela phezu komthombo lapho imfuyo yakhe yayiphuza khona.
Umvikeli uyophenyulula. Uma kuliqiniso, umvikeli uyothola abomnyango
wezokuthutha ukuba baxazulule lenkinga. Uma LoMnyango ungenzi njalo,
umvikeli uyoth loludaba uluyise enkantolo yamacala esikhundleni sika
Mandla.

INDIGENOUS FORESTS

Amahlathi emvelo ayazimilela. Ihlathi IeKnysna empumalanga Kapa ngelemvelo
Kuthathe isikhathi ukuba izimila zikhule emahlatini emvelo.

ESTUARY

Isizalo somfula kulapho umfula ugelezela olwandle kukhona lapha lapho
amanzi omfula nolwandle ahlangana khona axubane. Imvamisa inothe kakhulu
ngezinhlazi nezitshalo. lzinhlanzi zidinga isizalo somfula ukuze
zizokwanda.

INCINERATOR

Uhavini omkhulu futhi owezinga eliphe lokushisa lokho okungasadingeki.

GREENHOUS GASSES

Laba ngogesi abathi uma beya emoyeni badale ukuba umoya nomhlaba zishise.
Zikweza lokhu ngokuvimbela ukushisa kuphumele emoyeni, ukuya
esibhakabhakeni. Labogesi babizwa "greenhouse gases.' icarbon Dioxide
ededelwayo uma kushiswa amalahle noma izinkuni ibizwa ukuthi igreenhouse
gas.

INTEGRATED ENVIRONMENTAL

MANAGEMENT (IEM)

iIntergrated Environmental Management (IEM)yenziwa umnyango wezobunjalo
bendawo ukuthi kungeniswe udaba Lwezobunjalo bendawo kuzozonke iprojekthi.

Zokuthuthukisa I-IEM uwonkewonke ufanele ukuthintwa ngalezizindaba.
lelihlelo yilona elizakuqinisekisa ukuthi ngabe iprojekti ingayona kanjani
nakangakanani indawo yethu futhi isize ngokuthi yehlise izinga lokonakala
kwendawo yethu yokuphila.

YDRO POWER

Ukwenza leElektriki ephuma emandleni amanzi omfula noma idamu.

WASTE MANAGEMENT

Ukuphathwa kwezibi noma okulahlwayo. Okulahliweyo kungaba ugesi noma
uketshezi

noma into esasigaxa. Ukuphatha lofuhlelo kubaluleke kakhulu uma kuzanywa
ukulawula ukuthi kubonakale ukuthi kungakanani esikulahlayo nokuthi
kuphelelaphi. Zintathu izindlela ezibalulekile ngalokhu, sehlise izin
sikusebenzise futhi noma siveze okunye okus ngakho. Sifanele ukuveza
okuiahfwayo okungekuningi uma kunokwenzeka sifanele ukweza okunye okusha
ngendlela esikwazi ngayo, kanti sisebenzise futhi futhi lokho esin ngendlela
esikwazi ngayo. Sinciphise lokho

SUSTAINABLE DEVELOPMENT

Bona ibhokisi 1ku p9.

WETLANDS

Izigaba ezibalulekile zemifula yethu nasezindaweni ezamanzi izindawo
ezinaman zintholakala ethafeni noma ezindaweni ezinamanzi zigcewele
ngomhlanga. Kuthandwa yizinyoni. Lezizindawo zisiza kakhulu ekukhipheni
ukungcoliswa kwamanzi. Isibonelo, lezizindawo ezinamanzi zitholakala
ngasezimayini ezindundumeni. Lezizindawo zamanzi zihlanzekisa ukungcola
ezindundumeni ngaphambi kokuba kuya

WOODLOTS

Lawa izihlahla ezitshalelwe izinkuni lokho kuthiwa yiwoodlot. Yona incane
kunehlathi.

RENEWABLE RESOURCES

Umnotho okwazi ukuphila noma ukuvezwa futhi njengezihlahla, izilwane
nezimilo. Lemikhiqizo ingavezwa futhi uma isetshenziswa ngendlela efanele
singaphinde futhi sibe nayo leyo mikhiqizo. lmikhiqizo etholwa emgodini
ayikwazi ukuvezwa futhi. Uma sembe sashisa amalahle aphinde sibe amalahle
futhi.

SUBSIDIES

Usizo oluvela kuhulumeni ngemali ukusiza abezimboni nabalimi. Isibonelo,
uhulumeni wanikela imossgas ne Sasol imali eningi yokwenza uphethilomo
nokokubasela ulilo. lokhu sikubiza ngokuthi iSubsidy.

  ------------------------------------------------------------------------
Okuphakathi
